Ukuchibiyela uMthethosivivinywa waseGauteng weNgqalasizinda yezokuThutha, ka-2001, ukuze kuchitshiyelwe futhi kufakwe nezincazelo ezithize; ukuhlinzeka ngamalungelo okusetshenziswa komhlaba adingekile maqondana neziteshi kanye namandla adingekayo ka-MEC ukuze akwazi ukwenza izivumelwano zamaphrojekthi yemigwaqo nemizila kaloliwe; ukuchibiyela inqubo maqondana nokushiwo kwendlela; ukwenza ucwaningo lwesibili ngendawo esigabeni sokwenziwa kohlelo lokuqala lomgwaqo noma lomzila wesitimela okungadingekile lapho isiphathimandla esikwazi umsebenzi waso ngezendawo sinquma ukuthi ucwaningo ngendawo kulesi sigaba sokushiwo kwendlela kubalulekile; kanye nokuhlinzeka ngezindaba ezincane.
umzila kaloliwe' uchaza izinsiza zomzila ezisetshenziselwa khona umzila onesisindo kumbe olula, nalapho isimo sikhombisa khona kanjalo, ilungelo lokudlula, [lapho kusetshenziswa umzila onesisindo kumbe olula, njengalokhu kwazisiwe kumbe kubekiwe ngaphansi kwalo Mthetho] noma kungaphezulu kumbe kungaphansi komhlaba futhi kubandakanya umzila kalolilwe kanye nokuphanjukiswa kwawo kwesikhashana.
Ekunqumeni indlela yomgwaqo wesifundazwe noma umzila kaloliwe, ukuchitshiyelwa kwendlela okushicilelwe ngokwesigatshana noma okucatshangwa ukuthi yashicilelwa ngokwesigatshana , noma ukuchitshiyelwa kwendlela yomgwaqo noma umzila kaloliwe wesifunda osukhona, u-MEC kufanele enze ukuthi kwenziwe amalungiselelo endlela yokuqala, ngokombiko obhaliwe njengoba kushiwo futhi kube nezincomo eziphathelene nendlela futhi u-MEC emva kwalokho kumele alandele inqubo ebekwe kulesi sigaba.
Ngaphambi kokunquma indlela noma indlela echitshiyelwe, u-MEC kufanele enze ukuthi lolo phenyo lwendawo kanye nombiko kwenziwe njengoba bekucabangela isiphathimandla esiwaziyo umsebenzi esigabeni 22 se-ECA, noma isiphathimandla esicabangele ezigabeni ezihambisana nalesi ezifanele ze-NEMA uma lezo zigaba sezisebenza, singanquma.
futhi d ukushiwo kwezindlela zokulawula ezaqala ukusebenza ngokwesigaba 7 ekushicilelweni kwendlela ngokwesigatshana 11.
U-MEC kufanele axoxisane nabo bonke omasipala lapho indlela ezoba khona bese ebacela, esikhathini esishiwo, ukuthi balethe imibono ebhaliwe ngombiko wokuqala wendlela nowendawo basho nomphumela ozobangwa indlela ehlongozwayo kunanoma yisiphi isimo sohlaka noma olunye uhlelo lwentuthuko lukamasipala oluhlelwe kahle lwaloyo masipala othintekayo.
a esho indlela yomgwaqo wesifunda noma umzila kaloliwe; noma b ngokucindezelwa isigatshana 6 kuya ku-9, adlulisele udaba noma izindaba ezivuka emibikweni eshiwo noma emibonweni kukhomishani ukuthi enze uhlolo lomphakathi olweluleka ngalezo zindaba ngqo ngesikhathi esishiwo u-MEC futhi, emva kokuba esecabange ngalezo zeluleko, asho indlela yesifundazwe noma umzila kaloliwe.
h oyedwa kungaba usihlalo onezinga lemfundo elifanele ongaba oyedwa walaba bantu abashiwo ezindimeni a kuya ku-g; futhi i usihlalo kanye namanye amalungu amane kufanele babe ikhoramu ngenhloso yemisebenzi yekhomishini.
e usuku kanye nendawo yalokho kuhlolwa komphakathi; futhi f ukushiwo kwezindlela zokulawula eziqala ukusebenza ngokwesigaba 7 ekushicilelweni kwendlela ngokwesigatshana 12.
futhi b iphathe uhlolo ngokwenqubo eshiwo.
Emva kokwenza uhlolo, ikhomishini kufanele ihlanganise umbiko obhaliwe ngohlolo, ibhekise, uma kwenzeka, ezinqubeni mgomo ezibekwe esigabeni 3 soMthetho Wokusiza Kwezentuthuko, 1995 uMthetho No. 67 ka-1995 kanye nasekuhlelweni kwesifundazwe nomthetho wokuhlela.
U-MEC , ngokubonisana neLungu loMkhandlu Ophethe obhekele ukuhlelwa kwentuthuko, kufanele aqiniseke ukuthi ukushiwo kwendlela ngokwesigatshana 5a noma b, kuqondaniswe kangangoba kungakwazeka nanoma ngabe uhlaka olungakanani noma okunye ukuhlelwa kwentuthuko yesifundazwe okuhlelwe kahle olwenziwa ngokomthetho wokuhlela intuthuko yeSifundazwe.
isaziso sokuthi izizathu zesinqumo sika-MEC maqondana nokunquma indlela, zingacelwa izingxenye ezithandayo nezithintekayo ezinsukwini ezingama-30 kusukela osukwini lokushicilelwa kwesaziso.
Ngokwesigaba 82, indlela noma isigaba kungachitshiyelwa ngu-MEC emva kwalokho kuphela emva kokuhlanganisa izinqubo ezibekwe ezigabeni 81 ku ku-8 futhi izichibiyelo zendlela kufanele zishicilelwe esigatshaneni 11.
Isagaba 7 soMthetho ngqangi siyachitshiyelwa lapha ngokufaka esikhundleni samazwi "isigaba 6 " njalo lapho evela khona ngamazwi "isigaba 6 ".
a ngokufaka esikhundleni samazwi "isigaba 69 esigatshaneni 1 noma ikuphi lapho kwenzeka khona ngamazwi "isigaba 611".
b ngokufaka esikhundleni samazwi "isigaba 69 esigatsheneni 2 njalo lapho kwenzeka amazwi "isigaba 611 kanye nasesikhundleni samazwi "isigaba 61 kube u-9" wamazwi 61 kube u-11".
a umbiko wendawo ocatshangwe esigatshaneni 4b noma isigaba 63a, njengoba kungenzeka; futhi f ngokufaka esikhundleni esigatshaneni 8 samazwi "isigaba 61 kuya ku-9" amazwi "isigaba 611."
Isigaba 10 soMthetho ngqangi siyachitshiyelwa lapha ngokufakwa esikhundleni samazwi "isigaba 6 " esigatshaneni noma ikuphi lapho okwenzeka khona emazwini "isigaba 6 ".
f ukudidiyelwa kohlelo lukaloliwe, umzila kaloliwe kanye nezinye izinsizakalo ezihambisana nalokho kuhlanganiswa nezinsizakalo zasezikhumulweni zamabhanoyi, nezendawo eyidolobha ezungezile kanye nenye ingqalasizinda yezokuthutha.
U-MEC unakho ukuthi, lokho kungabekeli eminye imithetho eceleni, edlulise kumbe ahlinzekele ukuthi kusetshenziswe, lokho ekwenza egameni lenye ingxenye kumbe ngaphezulu yalabo abazibandakanye esivumelwaneni abashiwo kusigatshana 1, noma iliphi ilungelo lokudabula kumhlaba womunye kumbe elinye ilungelo, elibhalisiwe kumbe elingabhaliswanga, kodwa elisezandleni zika-MEC kumbe isiFundazwe, ngokwezinhloso kumbe ngokuphathelene nanoma isiphi isivumelwano njengokusho kwesigatshana 1 nangokuhambisana nesikhathi saleso sivumelwano.
